Bazojika nelanga besemakhaya abaqeqeshi ababili beBaroka uKgoloko Thobejane noMatsimela Thoka abazochithwa yiBaroka esiyehlele kwiGladAfrica Championship.

USihlalo weBaroka uKhurishi Mphahlele usekuqinisekisile ukuthi labaqeqeshi abekade bebanjiswe izintambo kuDSTV Diski Challenge angeke bathole izinkontileka ezintsha.

Umqeqeshi weqembu elikhulu uVincent Kobola utshele abaphathi ukuthi uzimisele ngokwehla neqembu kuGladAfrica.

UKobola uthathe izintambo kuThobejane sekusele imidlalo emini kugoqwe isizini. Uwine imidlalo emibili, wadlala ngokulingana kowodwa, bashaywa kowokugcina bebhekene neMaritzburg United, okuwumphumela obagawulise ngezembe.

”Ngenhlanhla uKobola uzohlala nathi, okuyinto esijabulisayo. Njengoba lingasekho iqembu leDSTV Diski Challenge, kuzoba nenkinga kuMatsimela noKgoloko ngoba basebenze khona sekuphela isizini. Kuzomele bazame imisebenzi kwezinye izindawo uma kuphela izinkontileka zabo. Angeke sigcine abantu abangeke basebenze,” kusho uMphahlele.

UThobejane ubambe izintambo ngoNovemba sekuxoshwe uThoka.UMphahlele uthe kukhona abadlali abazodedelwa, kuvalwe izikhala zabo ngabadlali abasuka kwinkulisa.

”Kukhona abadlali abanezinkontileka, kwabanye zizophela ngoJuni. Isabelomali kwiGladAfrica sincane kakhulu, sizolungisa lezozinto.

Angilindele ukwesekwa abaxhasi esasayina nabo isivumelwano sePSL. Sesidlala kwiGladAfrica, sizokwenza izinguquko ezingqala.

Sizobadelela abadlali abathola amathuba kwezinye izindawo. Angeke sigcine abadlali abangajabule. Sizokhetha abadlali eqenjini leMDC,” kusho uMphahlele.