Sekuvele ukuthi kuyaphela ubudlelwano beDStv nePSL, futhi abaphathi beligi sebesondele ekucikiceni isivumelwano nabaxhasi abasha.
Izindaba zokuhlukana kwePSL neDStv ziqale ukusabalala kusukela ngoLwesihlanu ngesonto eledlule.Lokhu kuzoshaqa abaningi kwazise iDStv iqale ukuxhasa le ligi eminyakeni embalwa edlule kulandela ukuphela koxhaso lwe-Absa, eyangena ngo-2007.
AbakwaMultiChoice babhekene nezinkinga ezimbalwa muva nje njengoba kusanda kuvela ukuthi balahlekelwe yimali kunyaka wezimali odlule. Ngaphezu kwalokho kungenzeka le nkampani idayiselwe inkampani yaseFrance iCanal+ okulindeleke ukuthi ize nezinguquko ukuze yenze inzuzo ngokushesha.
Ngokwemibiko iPSL izama konke okusemandleni ukuthola abaxhasi abasha ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/25, noma umbiko weSABC Sport uveza ukuthi iDStv kusangenzeka iqedele inkontileka yayo ihlale isizini yokugcina.