Bangase babhekane nempelasonto yePhasika benganayo inkece abadlali abasemabhukwini eRoyal AM njengoba kuvela ukuthi abakawutholi umholo wangenyanga edlule futhi kunokudideka ngokuzokwenzeka eqenjini njengoba selixoshiwe kwiPSL.

Izikhulu eziphezulu zePSL kule nyanga zivotele ukuyixosha kwiPSL iRoyal AM okusho ukuthi iqembu seliphelelwe yi-value, ngeke lisadayiseka, nokusho ukuthi ngeke lisakwazi ukuqhubeka likhokhele abadlali. Ukuxoshwa kwiPSL kusho ukuthi imali ebingena izinyanga zonke evela kwaBetway, ebalelwa kuR2.5 million ngenyanga, ngeke isangena.

Kuyimanje abanye abadlali sebejoyine amanye amaqembu ePSL okubalwa kuwo iLamontville Golden Arrows, AmaZulu FC neRichards Bay FC.

Ngokombiko weSunday World, abadlali abasele basebhekene nenkinga yokungazi ukuthi bayahola noma abaholi uma kuphela inyanga. Lokhu kuvezwe wuTebogo Munyai owumengameli obambile kwiSouth African Football Players Union.

“Bonke abadlali abakawutholi umholo wangoMarch [2025],” kusho uMunyai.

“Kunabadlali abangakakhokhelwa imali yokusayina neqembu (signing-on fee). Le mali ayikhokhwa iyisamba kodwa ibuye ihlukaniswe ikhokhwe ngezinyanga. Kunabadlali abangakayitholi leyo mali.

“Umholo wangoJanuary nangoFebruary abadlali bawuthole ngenyanga edlule.

“Abadlali bebesaziqeqesha neqembu ngesonto elidlule ngesikhathi bethintwa baziswa ukuthi ababuyele emakubo, bazothintwa uma kukhona okunye okubadingayo.”

UMunyai uthi ukuxoshwa kweRoyal AM kwiPSL kubadalela inkinga ngoba ngeke besakwazi ukusebenzisa uhlaka lwePSL lokubika uma kukhona inkinga abadlali ababhekene nayo. Phambilini uma umdlali engaholile bebekwazi ukubhalela iDispute Resolution Chamber, ebivele ibambe imali kule mali ebivela kwiBetway kukhokhelwe umdlalo. Njengoba ingasekho leyomali manje uthi akazi bazobasiza kanjani abadlali kodwa basaxhumana nezazi zomthetho.