UKylian Mbappe usevume ukwelula inkontileka yakhe ngeminyaka emithathu kwiParis Saint-Germain.

Inkontileka kaMbappe ibizophela ngoJuni 2022, okuchaza ukuthi lomdlali ubengajoyina noma yiliphi iqembu alithandayo uma sekuphele isizini.

Ezinsukwini ezedlule, IPSG ishele uMbappe ngetshe lemali, yamnikeza ilungelo lokufaka umbono uma kuqashwa umqeqeshi noma kuqokwa isikimu. Lomdlali uzohlabana ngo-€100 million uma esesayinile, aphinde ahole u-€50 million ngonyaka.

Umqeqeshi wePSG uMauricio Pochettino noMqondisi wezemiDlalo uLeornado bazoxoshwa kungekudala. Sekuqedelwa isivumelwano ngemali yesinxephezelo. Kuthiwa uMbappe usekhombe uZinedine Zidane njengomqeqeshi amfuna eFrance.

IReal Madrid ibizitshela ukuthi isiqedile ngokusayinisa uMbappe, kwabhuntsha izinto eseshintsha umqondo lomdlali. UMbappe ufonele uMengameli weMadrid uFlorentino Perez namuhla, wamtshela ukuthi usenqume ukuhlala eParis.

Kuvela ukuthi iNkosi yaseQatar noMengameli waseFrance u-Emmanuel Macron babambe umhlangano noMbappe, bemncenga ukuthi ahlale kwiPSG.