Sekuvele igama lomunye wabadlali be-Orlando Pirates kubadlali bokuqala abazofunwa wuJose Riveiro njengomqeqeshi we-Al Ahly.
Izindaba zokuthi uzojoyina i-Al Ahly uRiveiro ziqale ukusabalala ngemuva kwesitatimende sePirates kumenyezelwa ukuthi kuzobe kuwumdlalo wakhe wokugcina ngoLwesibili.
Abaningi bebekholwa wukuthi uRiveiro uzimisele ngokubuyela eSpain ukuze ezoba seduzane nomndeni wakhe, kodwa sekucacile ukuthi lo mqeqeshi uthole ithuba eliyingqayizivele eNorth Africa, okuzohambisana nokuthi ivele iseduzane neSpain. Ukusuka eGibhithe uye eSpain ngendiza kuthiwa kuthatha amahora amane kuphela.
Kulindeleke ukuthi i-Al Ahly yenze isimemezelo ngokuqasha lo mqeqeshi ozaza nethimba lakhe labasizi abane/abahlanu.
Ngokwentatheli yase-Egypt, u-Amir Hesham ngesikhathi uRiveiro ekhuluma nosihlalo weqembu uMahmoud El Khatib, isporting director uMohamed Youssef kanye nabanye abaqondisi bebhodi le-Al Ahly, uRiveiro wakubeka obala ukuthi ufisa uRelebohile Mofokeng amlandele.
Kuwo lo mbiko kuthiwa i-Al Ahly yamazisa uRiveiro ukuthi ngeke imbeke phambili ezinhlelweni zayo uMofokeng ngoba ibheke ukuqinisa emuva ngesitobha esivunyiwe sase-Algeria uZineddine Belaïd okuzoyivimba ekusayiniseni omunye umdlali wangaphandle. EGibhithe iqembu livumeleke ukuba nabadlali abayisithupha bangaphandle. Njengamanje i-Al Ahly inabadlali abayisikhombisa bangaphandle okusho ukuthi kuzomele idedele abanye babo uma ifuna ukungena emakethe ikhululeke.
Khonamanjalo, akwaziwa ukuthi mangakanani amathuba okuthi uMofokeng ajoyine iqembu elidlala kwiCAF njengoba kubikwa ukuthi ufunwa amaqembu agijima e-Europe.