Sekuyacaca ukuthi uKearyan Baccus ubeyintandokazi kubalandeli beKaizer Chiefs ebimkhuhlisa ngebhentshi kusukela ayijoyina ngo-2019 esuka kwiMelbourne City yase-Australia.

UBaccus ubenonyawo oluhle esiswini obelithandwa ngisho abalandeli bezimbangi imbala, kodwa ukukhuhla kwakhe ibhentshi kuveza ukuthi udinga ukulungisa ezinye izinto ngebhola lakhe.

Imenenja yakhe uMike Makaab, isiqinisekisile ukuthi lomdlali uyashiya eNaturena njengoba sekuphela isizini. UMakaab udalule lezindaba ngoMsombuluko ekuseni ekhuluma nabeSABC Sport.

“UKearyan Baccus angeke ahlale kwiChiefs. Sizombhekela iqembu khona eNingizimu Afrika kodwa akhona amathuba phesheya kwezilwandle,” kubeka uMakaab.

Kuvela ukuthi AmaZulu neRoyal AM bamgaqele lomdlali.

Lemenenja idalule ukuthi uBaccus kungenzeka abuyele e-Australia.

“Kungenzeka abuyele e-Australia. Mina ngifunela uBaccus umsebenzi eMzansi. Unayo enye imenenja emfunela umsebenzi phesheya kwezilwandle.

Sinobudlelwano obuhle nemenenja yakhe ese-Australia. Sisebenzisana kahle, ngiphoxekile ukuthi ukusayina kwakhe kwiChiefs akuhambanga kahle,” kubeka uMakaab.

UBaccus uwiqalile umdlalo weligi neSwallows ophele ngo 2-2 namuhla. Ngebhadi, Bekuwumdlalo wakhe wokugcina edlule umbala omnyama nowegolide.