Isekela lomqondisi wezeMpilo e-Eastern Cape uDokotela Litha Matiwane uthi kutholakale ikhemikhali ebizwa nge-Methanol egazini lezingane eziwu-21 ezashona ngenyanga edlule ethaveni yase-Scenery Park Enyobeni.

UDkt Matiwanei uthe i-methanol iyona etholakale egazini ngenkathi kuhlolwa igazi lazo zonke izingane. 

“Yize kutholakale lekhemikhali kodwa angeke sisho ukuthi iyona imbangela yokufa, kusazoqhutshekwa kwenziwe ucwaningo kuma-laboratory,” kuchaza uDkt Matiwane.

UMatiwane uthe iMethanol iwutshwala obunobuthi obusetshenziswa ezimbonini njengesinyibilikisi, isibulala-zinambuzane, kanye nomthombo wamafutha. Ayihloselwe ukuphuza. UMatiwane uthi basazama ukuthola ukuthi zahlangana kanjani izingane nalekhemikhali.