PHUMELELE NXUMALO
USUSE uthuthuva kuTwitter umrepha uBoitumelo ‘Boity’ Thulo ngokubiza amadoda akuleli ngamakokoroshe.
Lo mrepha ubhale lokhu ekhasini lakhe likaTwitter kulandela ukugxekwa obekubhekiswe kuMihlali Ndamase owenza amavideo okuphaqula kuYoutube ngesitatimende sakhe esithi ujwayele ukuzikhipha namadoda ehlukene.
Ephendula isitatimende ebesiqhamuka komunye wesilisa obethi abantu besifazane mabahlukane nokuzikhipha nabantu besilisa abehlukene uBoity uthe: “Ungawavumeli la makokoroshe akwehlisele ezingeni lawo.”
Lesitatimende esiqhamuke kuBoity asehlanga kahle kwabaningi njengoba ezithole ebizwa ngawo wonke amagama. Omunye wesilisa uphendule ngokuthi: “Manje singamakokoroshe…. kusho umuntu oneminyaka engu-30, ongenamuntu ahlekisana naye futhi osazoqhubeka nokungabi namuntu iminyaka eminingi ezayo.”
Akakushayanga indiva lokhu uBoity njengoba eziphendulele ngokuthi angasuke angabi namuntu ingunaphakade kunokuhlekisana nomuntu ofana (nombhali wesitatimende esithi akanamuntu).