Kube ncane indawo kuTwitter kusuka impi yamazwi phakathi kwenkakha yeChelsea uJohn Terry nenkakha yeManchester United uRio Ferdinand.
Indaba isuswe yinkulumo kaFerdinand nestobha seLiverpool, uVirgil van Dijk emazisa ngezitobha ezinhlanu azivumile. Kuzo uRio ubale uVan Dijk kunombolo 1, walandela ngaye, bese kuba wuNemanja Vidic, uJaap Stam noTerry ekugcineni.
UTerry uphendule ngokufaka ama-stats akhe kwi-Instagram story, wathi ‘ama-stats awawaqambi amanga’. UFerdinand ube umphendule kuTwitter wathi: “uma umuntu esefaka ama-stats kumele sikhulume ngokuzitshela kwakhe. Unenhlanhla ukuthi ngikufake kwi-top 5 yami ngemuva kwecala lakho lokucwasa ngokwebala umfowethu, ngakho kumele ngabe uyabonga.”
UJohn Terry uphendule wathi ukuzitshela ukuzibeka kukaFerdinand phambi kwabo, kodwa wambonga ngokumfaka kwiTop 5 yakhe sakubhuqa. Akabange esayithinta eyecala lokucwasa ngokwebala umfowabo kaRio, u-Anton Ferdinand, okwenzeka emdlalweni owawuphakathi kweQPR neChelsea eLoftus Road ngo-2011.
Kwi-documentary yeBBC esihloko sithi Football Racism and Me eyayibuyekeza lesi sigameko ngeso lika-Anton kwavela ukuthi uTerry akaze azame ukuxoxisana naye futhi wenqaba nokuvela kule filimu.
Ekhuluma neThe Times uTerry wakuphika ukuthi akakaze azame ukuxhumana no-Anton, waveza nokuthi wake wazama ngisho ukukhuluma noRio embona eDubai wamchitha ethi akafuni ukukhuluma naye.
@mcebo_khuba (Twitter)