Kuphelile ngamathemba e-Arsenal okubuyela kwiChampions League ngesizini ezayo. Leli qembu laseLondon belithwelwe ngeqoma, iningi likholelwa wukuthi lizobuyela kwiChampions League ngesizini ezayo kulandela ukudlala ingcwenga yebhola kule sizini ngaphansi kwesandla sikaMikel Arteta, osanda kwelula inkontileka yakhe.
Nokho amathe asebuyele kwasifuba kubalandeli nabahlaziyi abaningi njengoba iGunners ititinywe yiNewcastle United ngo 2-0 ngoMsombuluko ebusuku, kwaphela kanjalo ngephupho leChampions League. I-Arsenal ibanga indawo yesine neTotteham Hotspur, engaphambili ngamaphuzu amabili. Emdlalweni wokugcina iSpurs izobhekana neqembu eselidliwe yizembe eliphila ngenduku kwiPremier League iNorwich. I-Arsenal ngakolunye uhlangothi izobhekana ne-Everton elwela ukuvika izembe futhi engekho lula eGoodison Park.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uGranit Xhaka, uthe babozile enkundleni.
“Ngeke ngikwazi ukukuchazela ukuthi kungani singalandelanga amaqhinga omqeqeshi kulo mdlalo. Sidlale umbhedo. Akusifanele ukudlala kwiChampions League noma kwi-Europa League uma sidlala kanje. Kunzima ukwamukela ukudliwa kanje.”
Ebuzwa ukuthi ngabe i-Arsenal ishaywe ukungabi nabo abadlali abanele abanamava, uXhaka uthe abanovalo bekumele bahlale ebhentshini noma emakubo.
“Sidinga abantu abanesibindi abazofika bezodlala. Bekuwumdlalo obalulekile kakhulu lo,”
U-Arteta naye uyihlabile indlela iqembu lakhe elidlale ngayo wathi iNewcastle ibingcono kakhulu kunabi ngayo yonke indlela.