Bulokhe buvele njalo ubuhlathi bePSL kule sizini njengoba kuhlehliswe umdlalo weMamelodi Sundowns neSekhukhune United weNedbank Cup obuzodlalelwa eLucas Moripe Stadium ngenxa yomunye umdlalo ozoba kule nkundla.

IPSL ize yabona izolo ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kunemidlalo emibili ngosuku olulodwa kule nkundla njengoba ngo 3 ntambama kunomdlalo wokuhlungela i-u17 FIFA World Cup ophakathi kweNingizimu Afrika neNigeria. Bekuhlelwe ukuthi iSundowns neSekhukhune badlale ngo-8 ebusuku kule nkundla.

Ngokwemithetho yePSL akukwazi ukuba nemidlalo emibili enkundleni eyodwa ngosuku olulodwa, ngaphandle uma kuyinto eyeyihlelwa kusanekhathi. IPSL ithi ibuzile kubaphathi benkundla ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi iqashelwe omunye umdlalo yangayithola impendulo.

Ngenxa yokungabi naso isikhathi sokuhlela ezokuphepha nokumelana nemidlalo emibili ngosuku olulodwa endaweni eyodwa iPSL iqoke ukuwuhlehlisa umdlalo weSundowns.

Umbuzo wethu uthi iSundowns, noma iPSL, kwenzeke kanjani ukuthi kuze kushaye uLwesihlanu bengazi ukuthi sekunomunye umdlalo kule nkundla?

Kwenzeka lokhu nje, iNedbank Cup ibisivele ike yaphazanyiswa ukumiswa kweRoyal AM kwasiza ukukhishwa kwayo ukuze uqhubeke umqhudelwano.

Lezi zindaba nokho kungenzeka bazijabulele ekhempini yeSundowns njengoba umqeqeshi wayo uMiguel Cardoso esephenduke umakhalanjalo ngendaba yokumpintshana kwemidlalo.

ISundowns izobhekana naMaZulu FC ngoLwesibili ngesonto elizayo. Kuzobe kungokokuqala esikhathini esingangenyanga nohhafu iSundowns ithola isonto lonke ukulungiselela umdlalo. Ngemuva kwalo mdlalo izotholana phezulu ne-Orlando Pirates eFNB Stadium ngeSonto (16 March) ngo 15:30 ntambama