Imenenja kaThabo Cele ithi mancane kakhulu amathuba okuthi lomdlali asayine kwiKaizer Chiefs okwamanje.
Sekuphele unyaka uCele esohlwini lwabadlali abafunwa yiChiefs. Waqala ukubonakala kuma-Olympic Games ngo-2020 eTokyo, eshaya into ecokeme eqenjini lika-Under 23.
Inkontileka yakhe neqembu lasePortugal iCova Piedade yayizophela. Wamataniswa neGlamour Boys kulezo zikhathi, wagcine efikile naseNaturena. Izinto zabhuntsha sekufike umqeqeshi uStuart Baxter ongasibonanga isidingo salomdlali.
UCele wagcine esayine inkontileka yeminyaka emibili kwiRadomiak edlala kwiligi enkulu ePoland. Inkontileka yakhe inombandela wokwelulwa ngonyaka owodwa.
Imenenja yakhe esebenzela e-Europe uHelio Martjns itshele AbeSABC Sport ukuthi lomdlali uzimisele ngokuqhubeka kwiRadomiak, wavuma nokuthi iChiefs isike yaxhumana naye.
Imibiko yamaphephandaba ePoland isike yadalula ukuthi iChiefs yabeka u-R1,6 million izama ukuheha uCele.
“UThabo uzimisele ngokuqala isizini neRadomiak esesimeni esihle somzimba. Siyazi iwindi lizovalwa kudala kodwa uCele ubeke umqondo wakhe kwiRadomiak.
IKaizer Chiefs ikhulumile nathi, iyiqembu elikhulu. Asikho isivumelwano phakathi kweChiefs nomdlali kanye neRadomiak,” kusho uMartins.
Kuvela ukuthi abaphathi beChiefs sebebona kugcwele enkabeni yesisu kodwa igama likaCele lisavela ezingxoxweni.
Iwindi lokuhwebelana ngabadlali ePoland livala ngomhlaka 1 kuSepthemba, kwiPSL lizovalwa ngesonto lesithathu kuSepthemba.
Kungenzeka iChiefs isanethuba lonke lokushela uCele.