UBongani Zungu uthi isenkulu indima angayidlala kwiBafana Bafana uma umqeqeshi uHugo Broos engathambisa inhliziyo.

UBroos wakubeka kwacaca ukuthi angeke ambize uZungu kwiBafana ngesikhathi ememezela isikwati bukhoma kuSABC Sport.

“Ngibonile okwenzeka kuZungu eFrance. Ngiyaxolisa kodwa akufanele ezodlala kwiBafana okwamanje. Angikhulumi ngebhola alidlalayo, okubi ukuthi uZungu ubebhekene nezinkinga kwi-Amiens. Bekungenxa yezinkinga zakhe. Umqeqeshi neqembu bebefuna ukumxosha ezinyangeni ezine ezedlule.

Okubalulekile indlela acabanga ngayo umdlali. Kuyenzeka umdlali amoshe impilo yakhe ngenxa yokuhluleka ukucabanga ngendlela elungile. Okwamanje angeke ngimbize uZungu ngenxa yezinto ezenzeke kwi-Amiens, kungenzeka aziphinde izigameko zakhe eqenjini lesizwe,” kusho uBroos.

Ekhuluma no-Andile Ncube ohlelweni lweSports Nights Amplified, uZungu ugxeke indlela okuqokwa ngayo abadlali esikwatini.

“Angikaze ngihlangane no roos, angikhumbuli ngikhuluma naye. Angikhumbuli engishayela ocingweni enginikeza isizathu sokungangibizi. Uvele waqonda kwabezindaba, wakhuluma ngami.

Abantu bayazi ukuthi ngiyalilwela ijezi leBafana Bafana. Nga Dlala kwi-AFCON ngilimele idolo. Ngiyazikhandla ngokweqile uma ngidlalela iBafana,” kubeka uZungu.

UZungu uthi inkulu indima angayidlala eqenjini elincane leBafana elikhandwa uBroos.

“Anginandaba ukuthi uyathanda yini, kuningi engingakwenza eqenjini lesizwe. Ngisezingeni eliphezulu. Ngingakhuluma noma yini kuBroos ngoba naye ukhulume kabi ngami,” kubeka uZungu.