Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi bahlulekile ukudlala ibhola abalijwayele benenebulwa iMamelodi Sundowns ngo 4-0 kwiDSTV Premiership ngoMgqibelo eLoftus Stadium.
Amakhosi azifake kwenkulu inkinga ephisana ngamagoli amabili emizuzwini engu-20 yokuqala. USiyabonga Ngezana wenze amaphutha amabili, aholele emagolini eDowns ngesiwombe sokuqala.
Yize iChiefs izamile ukubuya esiwombeni sesibili, iDowns ishayele isipikili sokugcina esiwombeni sesibili ngamagoli amabili.
UZwane uvumile ukuthi kunezindawo okufanele balungise kuzo.
“Umdlalo siwuqale kabi, besidonsa ngonyawo lonwabu. Igoli lokuqala silinikeze iSundowns kalula. Angicabangi ukuthi igoli lesibili bekuyiphenathi. Ngibona sengathi umdlali uziwisile. Sihlulekile ukungena emdlalweni.
Sidlale isiwombe sokuqala sonke kodwa sahluleka ukushayela ipali. Yize sizamile ukuhlanganisa amaphasi, ngibona besingenza kangcono ngethuba elitholwe uYusuf (Maart). Bazamils abafana bekhanda lelothuba.
Ngicabanga ukuthi umdlalo wangoLwesibili yiwona osikhathizile kodwa angifuni ukubeka izaba. Senze izinguquko esiwombeni sesibili. Kukhona esikwenze kangcono esiwombeni sesibili, ikakhulukazi uReeve (Frosler) nethuba alitholile. Bekungenzeka ushintshe umdlalo ukube ushaye igoli. Sihlulekile ukusebenzisa ithuba, kwalandela igoli lesithathu leSundowns,” kubeka uZwane ecashunwa abeSuperSport TV.
IChiefs ithole ngephenathi esiwombeni sesibili kodwa unozinti weDowns uRonwen Williams wayivimba.
“Sithole ngephenathi kodwa sayigeja, siphinde sakhanda amathuba amabili kodwa sahluleka ukuqedela.
Sihlulekile ukubamba umdlalo. Sidlale emizuzwini engu-15 kuphela esiwombeni sesibili, sidlale kangcono lapho. Nendlela ebesidlala ngayo ishintshile kuleyomizuzu engu-15, saphinde sawudedela umgqigqo,” kubeka uZwane.