Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi uthi abalilahlile ithemba ngokubuyela kwiCAF Confederations Cup ngesizini ezayo kodwa umqansa ukunqoba ngamagoli amahlanu.

IBucs izobhekana neSuperSport United emdlalweni wokugcina weDSTV Premiership namuhla eLucas Moripe Stadium. Amabhakabhaka adinga ukunqoba ngo 5-0 ukuze izongena kwiConfed Cup ngesizini ezayo.

Emdlalweni odlule, iPirates idlale ngokulingana neRoyal AM, yaziphuthisela ngethuba lokubuyela e-Afrika. IRoyal AM ihleli endaweni yesithathu iBucs iyibambe endaweni yesithupha. IThwihli Thwahla iyona esibeke unyawo kwiConfed Cup njengoba ihleli endaweni yesithathu.

UNcikazi uthi sebebhekise amabombo eLucas Moripe, ukuzisola bazokubona ngemuva komdlalo.

“Kuningi obekungenzeka kulesizini. Imidlalo emithathu eyedlule iyakhombisa obekufanele sikwenze ekuqaleni kwesizini. Siyazisola kakhulu ngamaphutha esikwenze endleleni. Sisele ngomdlalo owodwa kodwa kukhona isizathu sokuzimisela.

Kusengenzeka siqede endaweni yesithathu. Asiqale ngokunqoba umdlalo, asizame ukuwina ngo 5-0. Lokho kuzosinikeza isizathu sokudlala. Asinake umdlalo kuqala, silwele ukuwina, sizobona okunye okungenzeka. Kuzoba lukhuni ukudlala neqembu elilwela ukungena kwiTop 8,” kubeka uNcikazi.

ISuperSport ihleli kunombolo 9 ngamaphuzu angu-37. Idinga amaphuzu agcwele kwiBucs ukuze izongena kwiTop 8.