Osanda kuxoshwa kwiKaizer Chiefs, uCavin Johnson, uthi kumehlisele isithunzi ukubamba izintambo zokuqeqesha kuMakhosi, kodwa akuphelile ngaye ebholeni.
UJohnson ubambe kwesokuqeqesha kulandela ukuxoshwa kukaMolefi Ntseki ngo-October 2023. Uphathe imildlalo ewu-22, wanqoba eyisithuba, wadliwa kwengu-8, wadlala ngokulingana kweminye ewu-8. Lokhu kusho ukuthi unqobe u-27% wemidlalo abeyiphethe, okuyihlazo.
Lo mqeqeshi nokho wayefike kwiChiefs ezokwenza umsebenzi we-development, kodwa ngenxa yerekhodi lakhe ephethe iqembu elikhulu, abaphathi baMakhosi bagcine beqoke ukumkhulula.
Ekhuluma ngekusasa lakhe uthe uzohlaba ikhefu lesikhashana, bese ekhetha umsebenzi azowenza ebholeni lakuleli noma e-Africa.
“Okwamanje ngisahlaba ikhefu mhlawumbe lamasonto amabili…kodwa kunento esiyibhekayo kwesokuqeqesha e-Africa, ngokunjalo nakuleli,” kusho uJohnson engxoxweni ne-OTW Podcast.
“Umsebenzi wawungaphezu kwamandla ami, uma ngingabuzwa futhi ngingawunqaba…ngicabanga ukuthi sehlile isithunzi Sami [ngenxa yokwenzeke kwiChiefs]. Uma kuqhamuka umsebenzi wenkulisa, iqembu elifuna ukukhiqiza abadlali bakusasa, nalowo msebenzi ngingawuthatha.”
Ngemuva komdlalo wakhe wokugcina kwiChiefs, ayibeke kunombolo 10, uJohnson waphumela obala ngobuhlungu ayebuzwa enhlizweni kodwa wayezwakala esazimisele ngokuba yingxenye yokulungiswa kwezinkinga ezibhekene neqembu.