Umqeqeshi oyisikhondlakhondla sokunqoba izindebe eNingizimu Afrika uPitso Mosimane ukhathazekile ngokuncipha kwesibalo sabadlali abanebala elimhlophe kwiPremier Soccer League neBafana Bafana.

Umlando webhola likanobhutshuzayo kuleli uqukethe abadlali bebala elimhlophe abayizinkatha okukhona kubo uStuart Lilley, Jimmy “Brixton Tower” Joubert, Peta Bala’c, Phil Venter, Franck Pereira, John Salter, Mark Anderson, Noel Cousins, Gordon Igesund, Neil Tovey noLawrence Chelin.

Isikwati seBafana Bafana esanqoba i-Africa Cup of Nations ngo-1996 kuleli sasiphethe ukaputeni uNeil Tovey no-Eric Tinkler.
Ngeminyaka elandelayo, iBafana ibishoshela phambili ngoBradley Carnell, Matthew Booth noDean Furman.

Kusukela ngonyaka ka-1996, isibalo sabadlali bebala elimhlophe siyancipha kakhulu emaqenjini akuPSL.

Lokho kukhathaza uMosimane oyibamba kwi-Al Ahly eGibhithe.

“Ezikoleni abadlali bebala elimhlophe bayatholakala. Kungani abadlali abamhlompe bengekho kwiPSL. Baningi abadlali abamhlophe abadlala ibhola. Umfana wami oneminyaka engu-13 udlala nabadlali abamhlophe abanethalente elimangazayo. Ngiyazibuza ukuthi kungani bengabonwa emaqenjini amakhulu?

Inkinga ikuphi? Kufanele sikuphenye lokho, sibhekisise izinto ezinjalo. Ngizama ukushintsha izinto, angichazi ukuthi ngizophumelela kodwa ngizozama. Uma wenza izinto ezilungile, uyaphumelela. Kunabadlali abamhlophe ezikoleni, bayalidinga ithuba,” kubeka uMosimane.

Ngenyanga eyedlule, lomqeqeshi usungule isikole sebhola, ngenhloso yokuzama ukuphuculula abadlali bebhola abancane enkundleni nangempilo yangaphandle.