Umqeqeshi wezamandla oqashwe iKaizer Chiefs uMuzi Maluleke ubalwa njengomunye wabantu abashaya into ecokeme endimeni yosomandla eNingizimu Afrika.
UMaluleke, ogogode ngeziqu zeMasters Degree kwiSports Science e-University of Pretoria, ubeyingxenye yamaTuks ngesizini ka-2021/22.
Usize kakhulu iqembu ngesikhathi liqeda endaweni yesibili kwiGladAfrica Championship, laphinde lakhishwa kuma-semifinals eNedbank Cup.
UMaluleke uqashwe kumaTuks ngoba sekudingeka ushintsho lokujima eqenjini. Bekufubeka akhuphule amandla nomoya kubadlali. UMaluleke waqala ngokusebenza eqenjini leNyuvesi elidlala kwiVarsity Cup.
Izinto sishintshe kakhulu sekukhona uMaluleke kwazise kunciphe nezinga lokulimala eqenjini. Abadlali bebelimala ngenxa yokuthinteka uma bebhekene nezimbangi, bekungenzeki ukuthi badonseke umsipha noma balimale idolo.
“Bekukuhke ukusebenza noMaluleke. Uyawazi umsebenzi wakhe, ufundile kakhulu kulomkhakha wezokulolonga ngokwesayensi,” kubeka umqeqeshi we-University of Pretoria uTlisane Motaung.