Umqeqeshi weRoyal AM uJohn Maduka ubona ezakhe ziphunyukile kwiSekhukhune United abayihlule ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership, eHarry Gwala Stadium, ngoMgqibelo.
IThwihli Thwahla inqobe okokuqala kwiligi emidlalweni eyisithupha, yakhuphukela endaweni yesihlanu etafuleni.
Amagoli ashaywe u-Andile Jiyane noSera Motebang ngokuhlukana kweziwombe ehlise ingcindezi kwiThwihli Thwahla ebibuya endukwini yiMamelodi Sundowns koweligi ngoLwesithathu.
UMaduka uthi ezakhe ziphunyuke ngoba iBabina Noko ibuthuntu.
“Ngiyalibongela iqembu ngomphumela. Umdlalo siwuqale kahle sibhekene nelinye lamaqembu ahlonishwayo ezweni, sikwazile ukubahlasela ngaphandle kokwesaba.
“ISekhukhune isifake ngaphansi kwengcindezi kwezinye izikhathi. Ibidlala engxenyeni yethu. Iphutha esilenzile elokuhlehla siyomaka emuva. Lokho kubanikeze ithuba lokuzinza engxenyeni yethu, bakhahlelele ipali. Ukushaya igoli kusikhiphe ngaphansi kwengcindezi. Ama-set pieces ayakusiza unqobe, kuyenzeka akudlisele,” kusho uMaduka ekhuluma nabezindaba.
“Siqala ukufaka ingcindezi phambili kodwa besingakwenzi lokho esiwombeni sokuqala. Sihlulekile ukushoshela phambili noma sesishaye igoli lokuqala, besivaleleke engxenyeni yethu. Abadlali ngibayalele ukuthi bangahlehli ngoba besithole igoli elilodwa kuphela.
“Ukuhlehla bekuzosifakela ingcindezi, sigcine sesingenelwa yigoli. Ngichazekile ngebhola esilidlale sesibuya ekhefini, izitobha zikhuphukele phambili, abadlali basesiswini bakwazi ukuyokwengeza kubagadli uma sihlasela. Igoli lesibili lingene ngenxa yengcindezi esiyifakile.
“Siqhubekile nokuhlasela noma sesishaye elesibili igoli. Ukuhlala emuva bekuzobiza ingcindezi, sigcine sesidala amaphutha,” kusho uMaduka.