Umqeqeshi we-Al Ahly uPitso Mosimane usexwayise abadlali bakhe ngomlando wamaqembu abuya sekuvalwe amehlo, aphumelele yize eshaywe ngembudlu yamagoli emlenzeni wokuqala.
I-Ahly yanenebula i-ES Setif ngo 4-0 emlenzeni wokuqala owawubanjelwe eCairo ngesonto eledlule. Lamaqembu azophinde atholane emlenzeni wesibili namuhla e-Algiers ngo-9 ebusuku.
ISetif yazikhandela umlando wayo inqoba ngo 3-0 kwiFortune yaseGambia emlenzeni wesibili kumdlalo wokuhlungela isigaba samaqoqo eCAF Champions League.
IFortune yayinqobe ngo 3-0 emlenzeni wokuqala. Emlenzeni wesibili, iSetif yanqoba sekukhahlelwa amaphenathi.
UPitso ukhuze ukuzithambisa kubadlali be-Ahly ngoba umlando webhola uyaveza ukuthi umphumela omkhulu usengaguquka.
“Umdlalo awuphelile. Sinomdlalo onzima kusasa ne-ES Setif. Badlala ekhaya, umlando uyakugqamisa ukuthi amanye amaqembu ayakwazi ukuguqula imiphumela yize eshaywe kabuhlungu emlenzeni wokuqala,” kuchaza uPitso.
Uma ISetif ihluleka ukukhipha i-Al Ahly namuhla, lezinkunzi zaseGibhithe zizowelela kowamanqamu ezizotholana kuwo neWydad Casablanca.
I-Ahly izobe isidlala kowamanqamu ihlandla lesithathu kulandelana selokhu izintambo zathathwa uPitso ngo-2020.
“Siwulungiselele umdlalo wangoMgqibelo. Sifuna ukushaya amagoli, sinqobe ukuze sizofinyelela kowamanqamu. Kuzoba nzima ukunqoba kulomdlalo ngoba sidlala ekuhambeni,” kusho uMosimane.