‘UDillon Solomons weSwallows ufunwa amaqembu amahlanu,’ lokhu kudalulwe imenenja yakhe uGrant Nieuwenhuys.

USolomons ushisa izikhotha kwiSwallows kusukela efike ekuqaleni kwesizini esuka kwiCape Town All Stars.

Ibhola lakhe elinesivinini nokushoshela phambili selidonse amehlo eKaizer Chiefs okuvela ukuthi isiqedile ukumsayinisa ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/23.

UGrant uthi akukho okubambekayo asebevumelene ngakho neChiefs.

“Ngithola izingcingo, mahlanu amaqembu afuna uDillon kodwa angeke sithathe isinqumo ngoba sihlonipha iSwallows noSihlalo wayo. UDillon unejoka lokusindisa iSwallows kumaPlay-Offs, sizolandela ngezingxoxo ngekusasa lakhe.

Ngizoxoxa noSihlalo weqembu sizothatha isinqumo uma sekuphele amaPlay-offs. Ngiyazi kunamahebezi kodwa lalela mina. Ngikhulumile namaqembu, ngakubeka kwacaca ukuthi awalinde kuphele amaPlay-offs,” kubeka uGrant ekhuluma nabeDiski Times.

USolomons ushaye amagoli amane, wakhanda amathathu emidlalweni engu-27 kulesizini.