Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasdreddine Nabi ucasulwe yimibuzo ngokuhluleka ukufaka Amakhosi kwiTop 8.
IChiefs ihluleke yancama ukuqaqa udonga lwePolokwane City izolo kumdlalo wokugcina weligi kule sizini ophele ngo 0-0. Ibidinga amaphuzu aphelele ukuze iqede kwiTop 8 obekuzoyifaka kwiMTN8 yangesizini ezayo.
Ebuzwa ngokuthi kungani ehlulekile ukufaka iqembu kwiMTN8 uNabi uvele wabhoka ngolaka.
“Njalo ngihlale ngibuzwa imibuzo emibi. Ngiwine iNedbank, manje sengibuzwa ngeMTN? Cha – [ngeke kuye ngokufisa kwenu] ngoba ngiyasiqonda isimo esikuso,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.
“ENingizimu Afrika sengikuqonda konke – abantu, abagxekayo, abahlaziyayo….ngiyabahlonipha abahlaziyi. Kodwa akekho ozoshintsha indlela esiyihambayo neChiefs, sisakha.
“Kunabantu abangajabule ngokubona iKaizer Chiefs ibuya. Ngiyazi. Baningi abangajabule…ngoba ngabona ukuthi bajabula kanjani abalandeli ngemuva kokunqoba iNedbank Cup.
“Lokho akwehli kahle kwabanye abantu, kunabantu abafuna ukusakhela izinkinga, abafuna ukusigxeka, abafuna ukwakha ungabazane ngami ukuze abalandeli bezongihlasela, kodwa angikhathazekile ngalokho.
Lo mqeqeshi uqhube wachitha umbono wokuthi onke amaqembu aqede kwiTop 8 adlala kangcono kuneChiefs. Uvele wabuza ukuthi iStellenbosch FC ingcono kanjani kuneChiefs ngoba uyishaye kathathu kule sizini.