Intatheli Yezemidlalo

Uzidonsele amanzi ngomsele umdlali weBloemfontein Celtic uLantshane Phalane okubikwa ukuthi ufike enkundleni ezoziqeqesha neqembu edle amanzi amponjwana. Kubikwa ukuthi ithimba labaqeqeshi limyalele ukuba agoduke njengoba ebengekho esimeni esifanele sokuzilolonga neqembu. Kuphume isinqumo ngo-elethu ukuthi lomdlali akamiswe ekuzibandakanyeni nabanye abadlali.

Umthombo wephephandaba iThe Citizen uveze ukuthi lomdlali ubuyiselwe emuva ngemuva kokuba efike enkundleni enuka phu utshwala. Lomthombo uthi uPhalane ubengekho esimeni esifanele sokuzilolonga, ubezolimaza ozakwabo. “Ubephuzile, uxoshwe yiqembu futhi usemisiwe nje sikhuluma,” kuchaza lomthombo.

UPhalane ungomunye wabadlali asebeyibambe ishisa kwiCeltic, kusukela ezikhathini lapho iqembu belihluleka khona ukukhokha imiholo yabadlali kodwa wahlala kunjalo. Kuzokhumbuleka ukuthi ICeltic ibihlela ukudayisa uPhalane ngesikhathi kusavulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali. Lokhu bekwenziwa ngoba inkontileka yakhe izophela ngoJuni.