Nakuba esedle izicoco ezimbili zeCAF Champions League kulandelana, sizulelwa ngamanqe isikhundla sikaPitso Mosimane sokuqeqesha i-Al Ahly. Izinto azihambi kahle emasomtweni ambalwa edlule kwi-Egyptian Premier League kwi-Al Ahly njengoba leli qembu selihluleke ukunqoba emidlalweni emithathu edlule lidlala ngokulingana izikhawu ezimbili ladliwa komunye.
I-Al Ahly inemidlalo emithathu esandleni kodwa isele ngamaphuzu awu-8 kwiZamalek esesicongweni.
Ngemuva komdlalo wangempelasonto abaphathi beqembu babize umhlangano obuhanjelwe umengameli u-Al Khathib. Esitatimendweni esikhishwe ngemuva komhlangano abaphathi beqembu bazwakalise ukunengeka ngokubhacaza kweRed Devils, bathi abadlali banikezwa konke abakudingayo ukuze baphumelele enkundleni.
“Umengameli akajabule ngokubhacaza kweqembu emdlalweni embalwa edlule, okuyinto eyenzeka ngesikhathi esibucayi kwisizini. Ubatshelile ukuthi abayikhombisi intshisekelo abebenayo isaqala isizini wabayalela ukuthi kumele bashintshe ukwenza bawine. Uthe ukuphumelela kwiCAF akumele kuphazamise indlela iqembu elidlala ngayo kwiligi,” kusho isitatimende.
I-Al Ahly ngoMgqibelo izodlala umlenze wokuqala wesemifinal yeCAF Champions League lapho izobhekana khona ne-ES Setif. Umdlalo ungo-9 ebusuku.
Iqembu lishicilela lesi sitatimende nje siyanda isibalo sababedlalela i-Al Ahly abafuna akhonjwe indlela uPitso, kukhona abathi liyamhlula iqembu, abanye bathi uwina ngenhlanhla.
Okuqaphelekayo nokho ukuthi abalandeli beRed Devils bayazifela ngoPitso, noma izinto zingahambi kahle kwiligi, abaningi bayameseka kwesokuhola i-Al Ahly ngenxa yamava akhe kwiChampions League.