Sphamandla Gumede

Seligqashukile ifindo phakathi kweBlack Leopards nomdlali uLesedi Kapinga njengoba leliqembu seliqinisekise izindaba zokunqanyulwa kwenkontileka yakhe.

UKapinga bekulindeleke ukuba aqedele lesizini ka-2019/20 kwazise iLidoda Duvha ibiveze ukuthi uzoqhubeka adlale yize inkontileka yakhe iphele ngomhlaka 30 Juni.

UKapinga (25) ufunwa uthuli amaqembu akuPSL njengoba esezakhele udumo kubalandeli ngokudlala ibhola elinenkosi phakathi. Phakathi kwamaqembu amataniswa nawo iSuperSport United, Mamelodi Sundowns neKaizer Chiefs.

UMqondisi weLeopards uTshifhiwa Thidiela uthe badedele uKapinga ngenhloso yokuvikela lomdlali kanye neqembu.

“Sengingaqinisekisa ukuthi uKapinga simdedelile ukuze ezojoyina iqembu lakhe elisha. Sivikela iqembu futhi sibhekelela yena umdlali,” kuchaza uThidiela ecashunwa abeFarPost.

UThidiela uthi njengoba iqembu lisembangweni namaqembu asemsileni kwi-Absa Premiership, amaphutha azokwenziwa uKapinga azobukwa ngeso elibi.

“Iqembu lisemsileni futhi sesidlalela ukufa nokuphila. Kwezinye izikhathi, kubukeka kabi uma umdlali osezohamba eqenjini enza amaphutha. Uthola ukuthi kunabadlali abazomgxeka ngesizathu sokuthi usesayine kwelinye iqembu. Simufisela okuhle kodwa emiplweni yakhe entsha,” kusho uThidiela.

UKapinga ujoyine iLeopards ngo-2018, wadlala imidlalo engu-58 kumasizini amabili. Ushiya nje useshaye amagoli ayisikhombisa.

Ngokusho kukaThidiela, uKapinga ubenombandela wokuvuselela inkontileka yakhe ngonyaka owodwa kodwa washintsha umqondo sebevumelene konke neqembu.

UThidiela uphinde waveza ukuthi akulijabulisi iqembu ukuhamba kwabadlali abamqoka mahhala. Uthi imali abangayitholanga ngoKapinga ibizosiza ngokufukula abanye abadlali benkulisa yeqembu.