Ukubheduka komkhuhlane nokulimala kwabadlali kuzofaka iKaizer Chiefs obishini njengoba izophetha iligi neSwallows evika izembe ngoMgqibelo.

IChiefs kungenzeka ofike kulomdlalo ishoda ngabadlali abangu-9 abamqoka.

UZwane uthe kunabadlali abane abangajimanga neqembu ngoLwesibili ngenxa yokuxinwa umkhuhlane, waqinisekisa nokuthi umgadli uLeonardo Castro ulimele.

Sizoya kulomdlalo sishodelwa abadlali ngoba kulimele abaningi, abanye baphethwe umkhuhlane. Kunabadlali abane abaxinwe umkhuhlane, bagcina bengajimanga ngoMsombuluko nangoLwesibili. Ngiyathemba bazobuya ngokushesha.

Okwamanje angiboni bezodlala, uCastro uzojoyina uKeagan Dolly olimele. UCastro ulimele idolo, kungenzeka ahlale isikhathi eside engadlali. UKeagan uzohlala izinyanga eziyisithupha engalithinti ibhola. Kunabadlali abangu-9 a angeke badlale.

USiyabonga Ngezana udonseke umsipha, kudala umhlupha emidlalweni eyedlule. Sizozama ukungamxini,” kusho uZwane ekhuluma nezintatheli eNaturena.

Lomqeqeshi uthi ubefisa ukuhlasela iSwallows ngesikwati esiphelele njengoba behubha indawo yesibili kwiligi, kodwa kumnikeza ithemba ukuqina kwezitobha.

“Kuzovela ithuba kubadlali abangajwayele ukudlala njengoNjabulo Ngcobo, Austin Dube nabanye abaningi abangadlala ezindaweni ezahlukene.

Angiboni ukuthi siyashoda emuva. Sishoda ngabadlali abazohlasela. Kubheda ngempela lapho kodwa sizozama ukufaka isikimu esiqinile esizobuya nomphumela,” kusho uZwane.

Amakhosi ahleli endaweni yesine yawola amaphuzu angu-46, isele ngamaphuzu amathathu kwiCape Town City neRoyal AM abalinganayo ngamaphuzu endaweni yesibili neyesithathu. IRoyal AM inomdlalo owodwa esandleni.