Sekugxekwe umnikazi weRoyal AM uShauwn Mkhize ngokuhlaza abadlali ngokuveza imali abebeyihola kwiThwihli Thwahla njengoba efake iPSL enkantolo ezama ukuphikisa isinqumo sokuxoshwa kweqembu lakhe esigabeni esikhokhelayo sebhola kuleli.
IPSL ngenyanga edlule inqume ukuqeda ngobulungu beRoyal AM, okusho ukuthi ngeke isayiqedela imidlalo yeligi futhi ngeke yehlele ngisho kwiMotsepe Foundation Championship ekupheleni kwesizini. Kufanele iqale phansi emabangeni asezansi ukuze izame ukukhuza ibuya kwiPSL.
Lesi sinqumo usiphikisa enkantolo uMaMkhize okuyilapho afake khona amaphepha aveza imali abeyiholela abadlali.
Inhlangano elwela abalungelo abadlali iFootballers Union of South Africa (FUSA) ithi ushaye udaka uMaMkhize ngalesi sinyathelo futhi akabacabangelanga abadlali bakhe.
“Akulungile ukuveza umholo womdlali, ikakhulukazi njengoba abanye bengasebenzi ndawo futhi bethungatha imisebenzi,” kusho uTaelo Motloung weFusa ekhuluma ne-KickOff.
“Ukuveza imiholo kungase kuthuse amakilabhu abecabanga ukubathatah, acabange ukuthi le mali abeyihola inkulu kakhulu.”
●Thabo Matlaba ubehola R121 000 ngenyanga.
●Kabelo Mahlasela ubehola R93 500 ngenyanga.
●Shadrack Kobedi ubehola R80 000 ngenyanga.
●Jabulani Ncobeni ubehola R68 000 ngenyanga.
●Andile Ngobese ubehola R7000 ngenyanga.
●Siphelele Majola ubehola R9500 ngenyanga.
●Sbanga Zulu ubehola R6900 ngenyanga.
●Simiso Gumede ubehola R4950 ngenyanga.
Uqhube wathi kufana nokuthi ubebaphendula izigqila abanye abadlali njengoba kuvela imali ephansi abebaholela yona.
“UMaMkhize wenze abadlali bakhe inhlekisa. Uzuzani ngokuvezela umphakathi imali eholwa abadlali esidlangalaleni kanje?” kubuza uMotloung.