Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane ubona sebebaningi abadlali abayibamba esiswini, okuyisizathu esidale ukuthi bashenxe ezingxoxweni nomdlali waseDR Congo uFabrice Ngoma.
UZwane uthi bebemgaqele lomdlali oshiye kwiRaja Casablanca ngesikhathi kuphela inkontileka yakhe.
UMangethe ukhulume nesiteshi somsakazo iKwekwezi FM, wabeka kanje:
“UFabrice besimfuna eminyakeni emibili eyedlule kodwa sahluleka ukumthola. Igama lakhe liphinde lavela, kodwa sinenkinga ngoba sinabadlali abaningi abayibamba enkabeni yesisu. Kukhona uNange (Phathushedzo), Cole (Alexander), Maart (Yusuf) noSithebe (Siyathemba).
Asikho isikhala sikaNgoma eqenjini, sihlela ukusebenzisa abadlali abazalwe eNingizimu Afrika ngenhloso yokusiza iqembu lesizwe,” kubeka lomqeqeshi.