Umqeqeshi weKaizer Chiefs omusha u-Arthur Zwane ufuna ukubuyisa izinsuku zenjabulo eqenjini njengoba esenikezwe ijoka lokuhlola iqembu.
UZwane ubebambe okwesikhashana eNaturena ngemuva kokuxoshwa kukaStuart Baxter ngenyanga edlule. Usayine inkontileka yeminyaka emithathu kwiChiefs, nosizi wakhe uDillon Sheppard.
UZwane ulwazi ukusuka nokuhlala iqembu, kwazise uhlale iminyaka engu-22 eqenjini. Ufike njengomdlali waze wathatha umhlalaphansi, waqala ukuqeqesha kwinkulisa yeqembu.
Usize iqembu ladla izicoco eziningi esayibamba ophondweni lwesokudla ngezikhathi zakhe. Unqobe izindebe ezingu-12 neChiefs, okubalwa kuzo iCAF Cup Winners Cup, izicoco zeligi ezimbili, iMTN 8, Coca Cola Cup, Absa Cup, BP Top 8 neTelkom Knockout.
Ngesikhathi ebamba okokuqala esikhundleni ngemuva kokuxoshwa kukaGavin Hunt ngesizini ka-2020/21, uZwane waqinisekisa ukuthi iChiefs iyangena kwiMTN 8 ngokunqoba imidlalo emithathu yeligi eyayisele.
Waphinde wafaka iChiefs kowamanqamu weCAF Champions League ngesikhathi beshaya iWydad Casablanca emidlalweni eyandulela owamanqamu.
“Loluhambo belunzima kakhulu. Yiwona amaphupho ethu lawa. Ngabatshela abasondelene nami eminyakeni engu-8 eyedlule ukuthi angilali ebusuku, ngicabanga ngokuqeqesha iChiefs. Ngifuna ukusiza iqembu linqobe izindebe.
Isizathu esenza ngifune ukujoyina iChiefs ngisewumdlali ingoba inosiko lokunqoba. Lokho kwakungigqugquzela njalo ukuthi ngisebenze kanzima ukuze ngizodlalela iChiefs ngolunye usuku. Iphupho selifezekile, ngiwumqeqeshi weChiefs namuhla,” kusho uZwane ekhuluma nabezindaba eFNB Stadium.
UZwane ubonge uSihlalo weqembu uKaizer Motaung ngokudlala indima enkulu ekumenzeni athathe indlela yokuqeqesha ngesikhathi esebeke amakhokho emgibeni.
“USihlalo wangenza ngakholelwa kimina kusukela ngosuku lokuqala,” kusho uZwane.
UMotaung uncome uZwane ngokuba nesineke kwiGlamour Boys, ikakhulukazi ngoba engalitholanga ithuba ekuqaleni kwesizini ngesikhathi kuqashwa uStuart Baxter.
“Icebo leminyaka lokuqoka u-Arthur njengomqeqeshi wethu omusha selithele izithelo. Ngibone intshisekelo Nokufun ukufunda abekukhombisa. Besihlele ukufaka eqenjini elikhulu uma kufika isikhathi esihle. Isikhathi sesifikile.
Siyabonga ukuthi ube nesineke waqhubeka nokufundela ezokuqeqesha, okuyinto ebalulekile ebholeni lamanje,” kubhalwa esitatimendeni seChiefs.
Ukusebenzisana kahle phakathi kwaZwane noSheppard kusukela e-Ireland, nokuyilapho babezihlomisa khona nolwazi lokuqeqesha.
“Ngiyajabula ngokusebenzisana noSheppard. Ngimazi kusukela sisadlala ibhola. Ngimbonile eqeqesha iqembu elincane leBidvest Wits, babedlala ibhola elihle. Kudala ngifuna ukusebenzisana naye.
Siphinde sahlangana e-Ireland siyofundela iziqu zokuqeqesha i-Uefa B license. Saqala lapho ukuzwana. Ngabona lapho ukuthi kufanele asebenze le iKaizer Chiefs ngoba iqembu lidinga abantu abanolwazi olunzulu ngebhola.
Kuyimanje sisebenza ndawonye. Ngiyamthemba uSheppard ngenhliziyo yami yonke. Ngingalala usuku lonke ngingakhathazeki, ngimthemba ngaleyondlela uSheppard,” kuchaza uZwane.