Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis uthi sebezifezile izifiso ezimbili abekade behlele ukuziphothula eMorocco kumqhudelwano we-African Women’s Cup of Nations (AWCON) oqhubekayo.
IBanyana idlulele kowamanqamu we-AWCON ishaya iZambia ngo 1-0 ngoMsombuluko eStade Mohamed V.
Ngesikhathi sekuzoqala umqhudelwano, u-Ellis wakubeka kwacaca ukuthi ukufinyelela kuma-semifinals yikhona okubalulekile eqenjini lakhe ngoba kuzobafaka kwiNdebe yoMhlaba ezosingathwa ngokuhlanganyela i-Australia neNew Zealand ngo-2023.
Isifiso sesibili kwaba ukungena kowamanqamu we-AWCON 2022 okwenzeka izolo beshaya iZambia.
“Besihlele ukuzibekisela ngendawo kwiNdebe yoMhlaba, siphinde sifinyelele kowamanqamu. Kukhona abadlali asebekufezile lokho, nabaqeqeshi imbala, u-Amanda (Dlamini) ungitshelile ukuthi kuyinto esondelene nenhliziyo.
Sifuna ukwenza kangcono kulokhu ngoba iNingizimu Afrika ingenile kowamanqamu ngo-2018. Umdlalo uzoba nzima kodwa sisayobhiyoza namuhla.
Namuhla kuzojabula iSAFA neSASOL asebehambe nathi iminyaka engu-9. Sibuya kuma-Olympics kabili kulandelana, iNdebe yoMhlaba kabili kulandelana, sesiphinde sabuyela kowamanqamu.
ISAFA noSASOL basixhasile kakhulu, nabalandeli ekhaya basibhekile. Kuhle kakhulu ngoba sinqobe kubungazwa usuku lokuzalwa kukaNelson Mandela,” kubeka lomqeqeshi.
IBanyana isifinyelela kowamanqamu we-AWCON ihlandla lesithupha, izobhekana nosokhaya iMorocco ngoMgqibelo.