Ubejabulise okwengane umqeqeshi we-AS Roma uJose Mourinho eqeda ukufaka ezakhe kowamanqamu we-UEFA Conference League izolo ebusuku.

UMourihno udalule isifiso sakhe sokuletha izindondo kwiRoma, wathi iConference League ifana ne-UEFA Champions League kubona.

IRoma izodlala kowamanqamu okokuqala ngqa kulomqhudelwano osungulwe ekuqaleni kwesizini. Ishaye ILeicester City ngo 1-0 eStadio Olimpico.

Sekuphele umdlalo, uMourihno uthi kumjabulisile ukufaka iRoma kowamanqamu. Leliqembu lagcina ukunqoba umqhudelwano onamaqembu ase-Europe ngo-1961. Lomqhudelwano wawubizwa nge-Inter-Cities Fairs Cup.

“Uma usebenza eRome, uhlala eRome, uphefumula Umoya waseRome, uphila impilo yeqembu ngoba leliqembu yilona elingungqa phambili kulelidolobha. Ngabona ngifika ukuthi ngizoqeqesha iqembu elikhulu. Uyazibonela, inkinga ukuthi alinazo izindebe. Umlando wendawo awusondelene nakancane neqembu.

Sikhande iqembu eselikhule ngokwanele, lahlula iqembu lakuPremier League elifika nebhola esingalijwayele. Ngiyazwela kakhulu. Sengijwayele ukunqoba okudlula lokhu kodwa sengijabulela abadlali nabalandeli. Lena iChampions League yethu,” kubeka lomqeqeshi.

Umqeqeshi weLeicester uBrendan Rodgers ukhale ngesitobha zakhe ezihuqe ubuthongo kungena igoli lika-Abraham ngomzuzu ka-11.

“Ukumaka ama-corner kusihlule isizini yonke. Sizame konke okusemandleni, simake umdlali eyedwa, sazama ukuvala nezikhala. Kuyacaca ukuthi asinawo amandla okumaka ama-corner, namuhla sishaywe yikho ukuhluleka kwethu,” kusho uRodgers.

URodgers uthe kuyaphoqa ukuthi kwenziwe izinguquko eqenjini uma befuna ukwenza kangcono ngesizini ezayo.

“Kufanele siqede isizini ngegiya eliphezulu manje. Sizobheka uma sekuvulwe iwindi ukuze sizobuya ngamandla ngesizini elandelayo,” kusho uRodgers.