Yize imiphumela igqoza kwiligi, umdlali weSuperSport United uJesse Donn ubona likhona ithuba lokushaya i-Orlando Pirates emdlalweni weDSTV Premiership ozobanjelwa eLucas Moripe Stadium ngoMsombuluko.

Amaphuzu amathathu azokwanela ukufaka iSuperSport kwiTop 8, yeqe iLamontville Golden Arrows esahleli kunombolo 8 ngomehluko wamagoli.

Izophinde izibekisele ngendawo kwiMTN 8 ngesizini ka-2022/23 lapho izofika ibhekane khona nomkhaya iMamelodi Sundowns. Iqembu eliqede kunombolo 8 liqhathwa nompetha beligi kwiMTN 8.

“Kunzima ukudlala ngokuzikhandla uma sekuyogoqwa isizini. Silwela ukuqeda kwiTop 8. Kuyasiphoqa ukuwina ngoba i-Arrows yashaya AmaZulu. Sifuna ukuthola umphumela ngoba sifuna ukuqeda kwiTop 8. IPirates izobe iqatha ngoba isijwayele ukudlala kodwa imidlalo yabo iyabakhathaza,” kubeka uDonn ekhuluma nabezindaba.

IBucs nayo kuyayibhedela kulesizini. Ishaywe iRS Berkane kowamanqamu weCAF Confederations Cup ngeSonto eledlule. Izinto ziyibhedele kakhulu kulesizini njengoba iphuthwe yizona zonke izindebe ezikhona.

IPirates ihlalelwe umqansa wokunqoba ngamagoli amahlanu eqandeni ukuze izobuyela kwiConfederation Cup ngesizini ezayo. Kuzoyiphoqa ukuthi idlale ngaphandle kokusaba iBucs kulomdlalo.

UDonn uthi ukuhlasela kwePirates kuzoshiya izikhala abazongena ngazo emuva.

“IRoyal AM ishaye amagoli amabili umdlalo usuzophela, okuchaza ukuthi abadlali bePirates bashawa ukukhathala. Sihlele ukudlala ngomdlandla. Kungenzeka ukuthi basefomini kodwa angeke bamelane nengcindezi esizoyifaka. Sithole isikhathi sokuphumuza, sizobe singumqemane,” kusho uDonn.

AmaTsatsantsa nawo ashaye udaka kulesizini. Ukugqoza kwemiphumela nokuhluleka ukulwela izindebe kuxoshise umqeqeshi uKaitano Tembo ngo-Ephreli.

“Lesizini ibibheda kakhulu, imiphumela ibingatholakali. Kudala ngagcina ukubona iSuperSport iqeda ngaphandle kweTop 8. Sifuna ukungena kwiTop 8. Siyazi basefomini enhle kodwa siyakholelwa kubadlali bethu. Sizodlalela ukuqeda sihleli kwiTop 8,” kubeka uDonn.