IKaizer Chiefs isiqinisekise ukuthi izobamba izingxoxo noBernard Parker ngenhloso yokumphendlela isikhala somsebenzi eqenjini.

UParker ungomunye wabadlali abachithwe yiChiefs ngesonto eliphelile ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe neqembu.

Ezinsukwini ezedlule, uMike Makaab oyimenenja kaParker wakuveza ukuthi iChiefs angeke iqhubeke nokusebenzisa lomdlali enkundleni, kunalokho bazozama ukuxoxisana ngendima angayidlala kwinkulisa.

“Kucace emasontweni amabili adlule ukuthi inkontileka kaBernard Parker angeke yelulwe kwiKaizer Chiefs. Ngihlanganile noBernard, saxoxa isikhathi eside. Okuhle nje ukuthi uBernard uyakwazi ukusebenzisa ingqondo, usebenza ngokuzikhandla, akayibambele gqubu iChiefs.

Uhlale iminyaka engu-11 emangalisayo eqenjini, unqobe izindebe ewina iligi amahlandla amabili kulandelana, waba ukaputeni kwelinye lamaqembu amakhulu e-Afrika. Ulidlalele ibheji leqembu, uyayithanda kakhulu iKaizer Chiefs,” kusho uMakaab ekhuluma kwiGagasi FM namuhla.

UMakaab uthi uParker usafuna ukuhlala kwiChiefs, enjalo nje uzimisele ngokuqeqesha.

“Sixoxile noBernard, uzimisele ngokudlala enye indima eqenjini. Usemagange ngokuqala iziqu zokuqeqesha, ufuna ukwenza I-UEFA Pro License, simatasa ngalokho manje. Ziningi izinto engizixoxa noBernard. Imali yakhe uyibeke kahle, impilo yakhe isesimeni. Kudala silindele lesikhathi. Uneziqu kwezemidlalo, uBernard usebenzise elungiselela ikusasa,” kusho uMakaab.

IChiefs ikubeke obala ukuthi izobamba umhlangano noParker kuzodingidwa Udaba lomsebenzi azowunikezwa eNaturena.

“Abaphathi beChiefs bazobamba izingxoxo noParker, kubhekwe izinto angazenza eqenjini njengoba esethathe umhlalaphansi. Isimemezelo sizokwenziwa maduzane.”