Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uhambe ekhala ngobuhlungu besibhaxu sika 4-1 abasithole kwiSuperSport United kodwa wavika ngokuthi abasitholanga isikhathi esanele sokuphumula ngemuva komdlalo wangempelasonto.
ISuperSport ibukise ngeChiefs eFNB Stadium kumdlalo okokure kuwo owayengumdlali wayo uSamir Nurkovic nomdlali abamboleke kuyo uChristian Saile. IChiefs ibike ngegoli elivalelwe wuGlody Lilepo.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uNabi ukhale ngobuhlungu bendlela abadliwe ngayo.
“Bekuwumdlalo onzima kakhulu, sishaywe kabuhlungu. Ngeke ngibike izaba kodwa zikhona izizathu ngoba sibe nezinsuku ezimbili kuphela ukuthi abadlali babuyise amandla ngemuva komdlalo odlule.
“Uma umzimba ungavumi, akukho okuhamba kahle. Sidedele igoli lokuqala ngemuva komzuzu wesine. Kuze kwashaya umzuzu ka-20 singakangeni egiyeni.
“Njengoba ngisho, uma kunqaba umzimba, ayikho into ezosebenza ngempela. Ikakhulukazi uma ubuka ukuthi iqembu ebesibhekene nalo belinesonto lonke lokuphumula…kodwa ke akushintshi ukuthi badlale kangcono kunathi.
“Kubuhlungu, kubuhlungu ngempela. Sibaphe amagoli amathathu. Sivele sabapha nje…kuyenzeka.”
IChiefs izothola isikhathi sonke sikuphumula ngaphambi komdlalo wayo olandelayo njengoba isiyoze idlale ngoMarch 1 neMamelodi Sundowns koweligi.