Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi kunzima ukwamukela ukudliwa kwabo kwisemifinal yeCAF Champions League izolo ngoba badlale kahle, kodwa uyaziqhenya ngendlela abadlale ngayo kulo mqhudelwano.

Bekungokokuqala iPirates ithola induku kwiCAF Champions League emdlalweni wayo nePyramids FC ophele NGO 3-2 sekubukeka sengathi iBucs isizibekisele indawo kowamanqamu.

“Siphumile kumqhudelwano ngemuva kokudliwa okokuqala kulo mqhudelwano. Kubuhlungu ukubhekana nalento. Sizodinga isikhashana ngoba sithole umphumela obuhlungu,” kusho uRiveiro ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.

“Sibe nomdlalo omuhle, sidlala ekuhambeni beqembu elinzima. Sidliselwe wukuhluleka ukumelana nezimo ezimbili eziqhamuke ngemuva kwamagoli ethu. Bakwenza kabili ukuthi bakore siqeda ukukora.

“Iyonanto ebiwukhiye, ukuthi sihlulekile ukubavimba uma sesiphambili ngegoli. Banqobe ngeset piece ekugcineni. Nginemizwa yokuziqhenya ngendlela esidlale ngayo kumqhudelwano, kodwa ngiphoxekile ngendlela esiphume ngayo.