Umqeqeshi we-Orlando Pirates omusha uJose Riveiro uchazwa njengomuntu osebenza ngokuzikhandla, ozoletha ulwazi oluningi ebholeni laseNingizimu Afrika.
ULeroy Maluka, oyi-fitness trainer, useke wasebenzisana noRiveiro kwi-inter Turku yaseFinland ngonyaka ka-2019 kuya ku-2021.
“URiveiro ungumqeqeshi osezingeni. Uzofika nolwazi olungaziwa ebholeni lakuleli. Ibhola elidlalwa iqembu lizoziveza lona. Ngangijabule ngesikhathi ngisebenza naye eFinland, amaphini akhe ngiwazi kahle,” kusho uMaluka owadlalela iCape Town, Hellenic ne-Ikapa Sporting ngezikhathi zakhe.
IPirates yagcina ukunqoba iligi ngo-2012, okuyingcindezi ezohlala emahlombe kaRiveiro.
URiveiro ubentunta nendishi kusukela aphelelwa umsebenzi kwi-inter Turku ngonyaka odlule. Amaphini azosebenza nawo uSergio Almenara noMiguel Bellver Esteve oyi-fitness trainer.
“Angeke ngimcebise kakhulu uRiveiro, kubalulekile ukuthi azibe izinto ezikhulunywa kwabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana. Ngiyamazi uyawuhlonipha umsebenzi, okuhle ukuthi uzolekelelwa abantu akabajwayele.
Ngisebenze nabo bobabili kwi-Inter Turku. Bengazi sonke lesikhathi ukuthi labaqeqeshi bayeza eNingizimu Afrika. IPirates iqashe umuntu ofanele,” kubeka uMaluka.
URiveiro uzolekelwa uMandla Ncikazi obambe inyanga ezingu-9 ngesizini edlule esebenzisa no Fadlu Davids ongasekho.