Kuzophinde kukhale izembe esikwatini seMamelodi Sundowns efuna ukuhlelela isizini ka-2022/23 ngobuso obusha.
Kuvela ukuthi uSibusiso Vilakazi ungomunye wabadlali abangeke besabuya ekuqaleni kwesizini ezayo. Kubalwa inqwaba yabadlali okukhona kubo uPromise Mkhuma, Reyaad Pieterse, Sifiso Ngobeni, Gift Motupa noGeorge Maluleka.
Umthombo othembekile kwiDowns uxhumane neGibela, wasihlebela ukuthi kunabadlali abahlanu abazodedelwa uma kuphela isizini, abanye bazodayiswa.
“UVilakazi ukhona ohlwini lwabadlali asebephelelwe yisikhathi kwiDowns. ISundowns isayinisa abadlali ezobasebenzisa esikhathini esiyiminyaka emihlanu. Abanye bayahlala ngaphezulu kweminyaka emihlanu uma iqembu lisabadinga.
Kunzima ukuthi badedelwe abanye ngoba bayizintandokazi kubalandeli,” kubeka lomthombo.
UVilla ubengomunye wabadlali ababalulekile eChloorkop kodwa ukuhlushwa ukulimala kumasizini adlule kuphazamise ifomu yakhe. Usanda kululama njengoba ebehlushwa idolo.
IDowns ithathe izinqumo ezinzima ekuqaleni kwesizini ichitha uHlompho Kekana, Tiyani Mabunda, Tebogo Langerman, Keletso Makgalwa, Jody February, Bangaly Soumahoro noLucky Mohomi. Iphinde yabolekisa ngabanye abadlali.