Ziyaqhubeka nokundlondlobala izinkampani zokugembula kuleli njengoba kuvela igama leBetway phambili ezinkampanini ezikhuluma nePSL ngokuba ngabaxhasi abasha beligi.
Kubikwa ukuthi iPSL isiqalile ukukhuluma nezinkampani ezihlukene ngokuba ngabaxhasi abakhulu beligi, abazovala isikhala esizoshiywa yiDStv, ephethwe yiMultiChoice.
Okwamanje akucaci ukuthi kungani iDStv ingayeluli inkontileka yayo nePSL, kodwa uma ulandela izindaba zakumuva, iMultiChoice ibhekene nenkinga yezimali njengoba ingayenzanga inzuzo kunyaka odlile wezimali. Njengamanje le nkampani kukhulunywa ukuthi ingase ithengwe yinkampani yaseFrance iCanal+.
Uma izinkampani zithola abaphathi abasha kuvame ukuba nezinguquko. Kungenzeka ukuthi njengendlela yokubeka inkampani esimeni esingcono sezimali njengoba idayiswa, abaphathi bakwaMultiChoice babone kungcono bengaqhubeki nokuxhasa iPSL.
Kuzokhumbuleka ukuthi iMultiChoice kwayona isanda kwethula inkampani yokugembula, iSuperSport Bet. Le nkampani ithe ifika yaxhasa amaqembu amakhulu ukuwadlula onke amanye eNingizimu Afrika, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs. Akwaziwa ukuthi bakhipha malini ukuze bathole ubudlelwano nezaseSoweto.
Ngesikhathi bethula le nkampani, abanye bethu bazibuza ukuthi iMultiChoice ivunyelwa kanjani ukuba ngabaxhasi beligi, abaxhasi beligi yama-reserve, abaxhasi bamaqembu amabili adlala kwiPremiership, iphinde ibe neqembu elidlala kuyo leligi iSuperSport United. Ngaphezu kwakho konke lokhu, iMultiChoice inelungelo lokukhombisa yonke imidlalo yePremiership, okuwudaba oluke labangwa enkantolo.
IBetway ebalwa phambili isivele ingabaxhasi bamaSpringboks nomqhudelwano wekhilikithi iSA20. Ibingakalitholi ithuba lokungena ebholeni lakuleli kahle njengoba iPSL ibingakufuni ukusebenza nezinkampani zokugembula, kodwa sekushintshile lokhu muva nje.
ICape Town City yathwala kanzima ukuze iqhubeke noxhaso leSports Pesa, kanti neMoroka Swallows kuthiwa yachithwa ngesizini edlule iza nabaxhasi abayinkampani yokugembula ngenxa yokungavumelani nokuthile. IGolden Arrows nokho ikwazile ukuvunyelwa ukuthi ixhaswe yi-10 Bet, nezaseSoweto zixhaswe yiSuperSport Bet. Inkampani enkulu kunazo zonke ekugembuleni kuleli iHollywoodbets, ingene ebholeni labesifazane ngeHollywoodbets Super League, kanti ikhona futhi nakumqhudelwano wamazwe aseNingizimu ne-Africa iCOSAFA Cup.
Abanye bebelindele ukuthi ibe ngezinye zezinkampani ezikhuluma nePSL ngokuyixhasa.