Kuzoba ncane indawo emdlalweni ehlukene kwiPremier League kule mpelasonto njengoba kunamaqembu alwela ukuvika izembe, amanye asembangweni okungena kwi-top 4 kanti neLiverpool neManchester City basashikishana embangweni wesicoco seligi.
Kumaqembu asezembeni, iBurnley isinqobe imidlalo emithathu ilandelana ukuze ikhuphukele kunombolo 16. NgoMgqibelo izobhekna ne-Aston Villa ephekwa wuSteven Gerrard ophumele obala wathi akakugqizi qakala ukuthi yiliphi iqembu elilengela ezembeni, into ayibhekile nje ukuphepha kwamaVillans.
IWatford ekunombolo 19, idinga ukunqoba yonke imidlalo esele ukuze ibe nethuba lokuhlala kwiPremier League, uma ihluleka ukunqoba umdlalo neCrystal Palace ngoMgqibelo ngo-4 ntambama isingaqala ilungiselele ukudlala kwiChampionship ngesizini ezayo. Ngeke siyikhulume nokuyikhuluma eyeNorwich ngoba isigawulwe yizembe. Izobhekana neWest Ham esilwela ukungena kwi-Europa League ngesizini ezayo ngemuva kokuhluleka okumelana nokushisa kwensimbi embangweni wetop 4.
I-Everton, engakaze igawulwe yizembe emlandweni wayo, idlala neLeicester City ebhacazile kwiPremier League kule sizini uma kuqhathaniswa namasizini ambalwa edlule. EzikaFrank Lampard ziqinise amathuba okuhlala kwiPremier League zishaya iChelsea ngo 1-0 ngempelasonto edlule. Nakulokhu bazothembela kuqhwasha njengoba benenkinga yakuvalela amagoli, nokho babhekene neqembu elisanda kuphoxeka kwi-Europa ngakho kungenzeka bazithole sekukhishelwa kubo isibhongo.
Embangweni wesicoco seligi iLiverpool izotholana phezulu neTottenham Hotspur ngoMgqibelo ebusuku okuwumdlalo olindelwe ngabomvu. Okwenza lo mdlalo uconsise amathe wukuthi iqembu lika-Antonio Conte lisembidlangweni wokungena kwiChampions League, libanga indawo yesine ne-Arsenal. NeLiverpool ngakolunye uhlangothi isele ngephuzu elilodwa kwiMan City embangweni wesicoco. Uma izimisele ngokuhlwitha iCity lesi sicoco kuzomele inqobe yonke imidlalo esele.
ICity izobhekana neNewcastle ngeSonto ntambama kulandela ukukhishwa kuma semifinal eChampions League. Kuvela ukuthi badumele abadlali beCity ngokushweba iChampions League futhi, sebezogxila ekuqinisekiseni ukuthi banqoba isicoco seligi okungenani.