IziNyunyana ezimele othisha zisabisa ngokubamba isiteleka uma uMnyango weMfundo eyisiSekelo eWestern Cape ungasibuyekezi isinqumo sokuhoxisa othisha abangu-2000.

UMnyango uthi lesinqumo sigqugquzelelwe isimo sezimali esibucayi. 

ISouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) nezinye izinyunyana ezingaphansi kweCongress of South African Trade Unions (Cosatu) zikhalele uMnyango ukuba ungaqhubekeli phambili nalezinhlelo. 

Unobhala weSadtu eWestern Cape, uNksz Sibongile Kwazi ubeke kanje.

“Sibhekene nenkinga yokunyimfika kwamagumbi okufundela kulesifundazwe. Ukuxoshwa kothisha kuchaza ukuthi nesimo sokugcwala emagumbini okufundeka angeke silawuleke. Ukuhoxiswa kothisha kuzophazamisa ukufunda nokudluliswa kolwazi ezikoleni zomphakathi eWestern Cape,” kubeka uKwazi.

INational Professional Teachers’ Organisation of South Africa (Naptosa) ithi izobamba umhlangano nezinyunyana nezigungu ezimele ukusebenza kwezikole ngenhloso yokudingida udaba lokuncishishwa kwemali enikezwa uMnyango weMfundo eyisiSekelo kulesifundazwe, okuyisizathu esiholele ekutheni kunqunywe ngokuhoxiswa kothisha abangu-2000. 

UHulumeni uyiphasisile eyokunyuswa kwamaholo othisha nabanye abasebenzi bahulumeni ngo-7,5% ngonyaka wezezimali ka-2023/2024. UMnyango weMfundo eyisiSekelo eWestern Cape ubungakakhushulelwa imali. 

UMqondisi weNaptosa, uMnuz Basil Manuel uchaze kanje.

“Imali enikezwa uMnyango incishisiwe, lokho akuqali ukwenzeka. Ngaphambilini, lokhu kwenzeka ngoba kunenkinga eyayaziwa. Lenkinga izophakamisa zonke izifundazwe ngoba nakwezinye izindawo kukhalwa ngezinkinga ezifanayo,” kubeka uManuel.