Izinkakha zeManchester United seziphumele obala zacela ukuthi kulungiswe isisu se-United esiphinde sakhombisa kule mpelasonto edlule ukuthi sithambe kangakanani leli qembu lishaywa yiBrighton & Hove ngo 2-1.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uPaul Scholes, owayeyibamba esiswini kwi-United, usole uFred noScott McTominay ngokuhlulwa ukwenza izinto ezilula esiswini njengokucela ibhola sebazi ukuthi bafuna ukulitshala kuphi. Usole laba badlali ngokwenza into eyodwa esiswini, ukuphasela abadlali basemuva nasemasayidini.
“Indaba kaFred noMcTominay…ngisho ukudlalisa oyedwa wabo ngikubona kuyinkinga. UFred ulilahla kakhulu ibhola, uMcTominay uhlezi ezama ukugijima nebhola, bamphuce. Kumele bafunde ukuphasa. Akuyona into enzima futhi esikhathini sanamhlanje kumele ngabe iyicala indlela abadlale ngayo.
Nenye inkakha ye-United eyayidlala esiswini, uRoy Keane, isole abadlali basesiswini ngokuba nayo ingqondo yebhola.
“Abanawo umqondo webhola esiswini, ikakhulukazi uFred. Sekunesikhathi ngikhuluma ngalento manje. UFred noMcTominay abekho ezingeni le-United. Ngeke bayibuyisele la efanele ukuba khona.”
Izinto zize zangcono esiwombeni sesibili kwi-United uCristain Eriksen, ojkwayele ukudlala ku-10 (CAM) esedlala kunombolo 6 (CDM), kwafakwa uRonaldo phambili.
Okunye okuzokhathaza u-Erik ten Hag ukuthi leli qembu libukeka lihluleka ukusayinisa iningi labadlali abebafuna. Kuyimanje limataniswa noMarko Aurnatovic (33) ngenxa yokuhluleka ukuthola umgadli.
Ekhuluma ngemuva komdlalo lo mqeqeshi uthe abazami ukusayinisa noma yibaphi abadlali, bafuna ukusayinisa abadlali abazohambisana nebhola afuna lidlalwe yiqembu.