IKaizer Chiefs iyaqhubeka nokuqinisa isikwati sayo sangesizini ka-2022/23 njengoba sekuvele negama likaPule Mmodi weLamontville Golden Arrows.

UMmodi usalelwe amasonto ambalwa kwinkontileka yakhe ne-Arrows kodwa iqembu lakhe lisengakwazi ukusebenzisa umbandela wokwelula inkontileka ngonyaka owodwa.

Yize kubikwe ukuthi uMmodi usayine inkontileka yesibambiso eNaturena, izingxoxo phakathi kweChiefs nalomdlali seziqalile futhi zihamba ngononini.

Abafana Bes’thende bazimisele ngokumdayisa uMmodi kanti ngezingxoxo seziyela emaphethelweni.

UMmodi ufike kwi-Arrows ngo-2020 esuka kuThongathi FC. Ushaye ingcwenga yebhola ngesizini ka-2020/21 esiza iqembu lakhe elaqeda isizini lisendaweni yesine kwiDSTV Premiership.

Ukudlala kahle kwakhe kumdonsele amehlo kaHugo Broos ongumqeqeshi weBafana Bafana, olokhu embize njalo esikwatini.

Uma uMmodi egcina esayinile kwiChiefs, uzolandela uZitha Kwinika, Ashley Du Preez noSiyethemba Sithebe asebesayine neChiefs. Kuzophoqeleka ukuthi iChiefs ishaye iphakethe uma i-Arrows isebenzisa umbandela okwinkontileka.