Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi usola ukubhacaza kwamaqembu akuDSTV Premiership njengesizathu esidala ukuthi iqembu lakhe lihluleke ukunqoba iCAF Champions League.

ISundowns isinqobe iligi amahlandla amahlanu kulandelana kumasizini adlule.

Ukuzidlela amahlanga kweDowns kuveze ukuncipha kwezinga kwiPSL, okudala ukuthi ithwale kanzima kwiCAF Champions League, nokuyilapho izinga lisuke liphezulu kakhulu.

ISundowns ikhishwe kuma-quarterfinals eChampions League ngesizini edlule yize yashisa izikhotha esigabeni samaqoqo, ishaya i-Al Ahly ekhaya nasekuhambeni.

UMngqithi usola ukwehla kwezinga kwiDSTV Premiership njengesizathu esidala ukuthi bahluleke ukwenza kangcono kwiChampions League.

“Ukuhluleka kwethu kwiChampions League kuyisizathu sokubhacaza kweligi. Ukube iligi yethu iqinile, besingenza kangcono kwiChampions League.

Sidlala kahle esigabeni samaqoqo kwiChampions League kodwa lokho akusho lutho, kufanele siyinqobe iCAF. ISundowns neCape Town City yibona abamele izwe, banejoka elikhulu lokubuyisa indebe eNingizimu Afrika.

Kungenzeka ibuye eNingizimu Afrika iChampions League uma izinga leligi lidlondlobala.” kubeka uMngqithi ekhuluma nezintatheli eRandburg.

UMngqithi ubona uzoshuba kakhulu umbango weligi kulesizini ngoba amaqembu atheze kahle emakethe.

“IKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates batheze kahle, kukhona iCape Town City neRoyal AM badlale kahle ngesizini ephelile. Kukhona iStellenbosch, AmaZulu neSekhukhune bathenge kahle. Kubukeka izoshuba iligi kulesizini.

Amaqembu afuna ukulwa neSundowns anephutha ngoba kusafanele ancintisane ewodwa. Izoshuba lesizini, lokho kungasinyusela izinga kwiChampions League,” kubeka lomqeqeshi.