UMqondisi wezemiDlalo kwiKaizer Chiefs uKaizer Jnr Motaung usechaze kabanzi ngesinqumo suqoka umqeqeshi omusha u-Arthur Zwane osayine inkontileka yeminyaka emithathu.
NgoLwesine ekuseni, iChiefs imemezele uZwane njengomqeqeshi omusha, nephini lakhe uDillon Sheppard.
Esitatimendeni esikhishwe yiqembu, uMotaung Jnr uchaze ngokuqashwa kukaZwane.
“Akusiyona imfihlo ukuthi sibhekane namasizini a nzima eminyakeni eyedlule. Sithathe izinqumo ezinzima ukuze sizoqala ukubumba isiqalo esizozala impumelelo yeminyaka. Sinethemba lokuthi abalandeli bethu nalabo abasondelene neKaizer Chiefs bazojabula kungekudala.
Isizathu esenze saqoka u-Arthur Zwane yingoba uyaliqonda ibhola elidlalwa iKaizer Chiefs futhi usebenza ngokuzikhandla. Indlela yakhe yokuqeqesha yesimanje imenze wahlala eqhulwini labaqeqeshi ebesifuna bayise iqembu phambili.
USihlalo uKaizer Motaung uthe unethemba lokuthi uZwane uzobuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena.
“Siyambongela umqeqeshi u-Arthur Zwane ngesikhundla sakhe esisha. Icebo leminyaka lokuqoka u-Arthur njengomqeqeshi wethu omusha selithele izithelo. Ngibone intshisekelo Nokufun ukufunda abekukhombisa. Besihlele ukufaka eqenjini elikhulu uma kufika isikhathi esihle. Isikhathi sesifikile.
Siyabonga ukuthi ube nesineke waqhubeka nokufundela ezokuqeqesha, okuyinto ebalulekile ebholeni lamanje,” kubhalwa esitatimendeni seChiefs.
U-Arthur ukhulele kwiChiefs, uyaliqonda isiko lethu. Ngesikhathi kuqokwa uMqondisi wezemiDlalo neNhloko yabaqeqeshi, besifuna ukuqasha umuntu onolwazi ngosiko lwethu. Lokhu kubalulekile ngoba umqeqeshi usebenza ngokusondelana nalabantu engikhulume ngabo,” kubhala esitatimendeni.