Iyakhula ingcindezi kuPitso Mosimane eGibhithe njengoba ezakhe ziphinde zalahla amaphuzu abalulekile emdlalweni weligi izolo.
I-Al Ahly isizwe iphenathi eyishaye ngomzuzu ka-102 ilinganisa ibhekene neCeramica Cleopatra.
UPitso ulivikelile iqembu, wathi inkinga ababhekene nayo ukuhluleka ukushaya amagoli.
“Uqinisile impela, siyahluleka ukushaya amagoli. Kulezi kunezizathu ezidala ukuthi sihluleke ukushaya amagoli. Ngiyavuma sibuthuntu phambi kwamapali, kufanele sihlole zonke izinto eqenjini.
Imidlalo emibili edlule ibinzima kakhulu. Lomdlalo uyafana nomdlalo esisuka kuwona. Bekunzima ukugqobhoza udonga lweCeramica. Amanye amaqembu avala ngabadlali abayisithupha emuva. Kulungile lokho ngoba indlela abadlala ngayo. Besizoyiwina yomibili imidlalo ukube lamaqembu abengalipaki ibhasi. Kufanele sifunde ukudlula kunjalo, asingaphatheki kabi kodwa kudingeka siyibhekisise lendaba,” kubeka uPitso.
Bekungumdlalo wesibili kulandelana i-Ahly ihluleka ukunqoba kwiligi. Yadlala ngo 1-1 ibhekene ne-El Gouna emdlalweni odlule.
“Silishayile igoli namuhla. Ungakukhohlwa lokho. Sikhande amathuba amaningi, sihlulwe ukushaya amagoli. Nangesonto eledlule sikhande amathuba amaningi kodwa sahluleka ukushaya amagoli. Inkinga yethu ukungawashayi amagoli. Asibhacazanga, sihlulwe ukushaya amagoli.
Nawe uzobona ngendlela yakho. Amagoli asiwashayi kodwa amathuba siyawakhanda, akusikho ukuboza lokho. Ukuboza ukuhluleka ukukhanda amathuba. Angiphiki ukuthi amagoli awangeni, silishayile namuhla igoli. Sishaye amagoli amathathu emidlalweni emithathu eyedlule.
Ungazikhathazi ngemidlalo. Mina ngikhathazeke ngokugeja engikubonayo,” kusho uPitso.