IBarcelona izobeka imali etafuleni ezinsukwini ezilandelayo njengoba iqhubeka nokushela uRaphihna odlala kwiLeeds United.
URaphihna (25) usele ngeminyaka emibili kwinkontileka yakhe neLeeds. Usecacisile ukuthi akafuni ukuyelula. Imenenja yalomdlali uDeco, owayelihlikihla nomqeqeshi weBarca uXavi Hernandez ngesikha besadlala ndawonye eCamp Nou.
Umthombo othembekile osondelene nalomdlali utshele abeSky Sports News ukuthi uRaphihna uyazifela ngeBarcelona.
Kubalwa iWest Ham neLiverpool ohlwini lamaqembu abefuna uRaphihna uma ededelwa iLeeds. Lomdlali uzokhunjulwa kakhulu e-Elland Road uma egcina ehambile njengoba eseshaye amagoli angu-11 aqinisekise ukuthi iLeeds ayidliwa yizembe kulesizini.
Yize uRaphihna esondelene nabalandeli neLeeds kusukela afika ngo-2020, ukuthanda ukudlala ibhola elisezingeni eliphezulu kungenzeka kumkhiphe ngokushesha e-Elland Road.