Owayengumdlali weBafana Bafana uMbulelo ‘Old John’ Mabizela ukhala ngezinga eliphansi lePremier Soccer League (PSL).

IDSTV Premiership izoqala ngo-Agasti nonyaka.

UMabizela, ongomunye wabadlali abaseqophelweni eliphezulu asebedlale eNingizimu Afrika uhlabe ukubhacaza kwebhola elidlalwa amaqembu akuDSTV Premiership neMotsepe Foundation Championship.

“Angisayibukeli iPSL manje, iyangibhora. Ibhola lamanje alisafani nakuqala kusadlala thina. Angilindele ukuthi amazinga afane. Izinto zesibuyele emuva kakhulu uma uqhathanisa nebhola elalidlalwa yithina,” kubeka uMabizela ekhuluma kuVibe FM.

UMabizela owadlala nakuTottenham Hotspurs eminyakeni eyedlule, uthi iziphathimandla zebhola nabadlali imbala abasebenzi ngokuzimisela ukuze bezothuthukisa ibhola lakuleli. UMabizela uthi abadlali ayedlala nabo bakhanda isisekelo esiqinile ukudlula abadlali bamanje.

“Abadlali bamanje abakwazi ukuqhubeka nesisekelo esishiywe yithina ukuze bezokhuphula ibhola lakuleli. Kunalokho ibhola lihlehlile kakhulu.

Kufanele kugxilwe kwizinkulisa ukuze abadlali abancane bezofundiswa ibhola elilungile iminyaka isavuma. Ngabe azikho izinkinga esinazo manje nabadlali uma sebebadala.

U-Old John uphinde waphawula nge-Orlando Pirates engenzi kahle kwiDSTV Premiership.

“Kuningi okubhedayo okwenzeka kwiPirates. Inkinga ngiyibona kubaqeqeshi abalandwa yiqembu. Kukhona nengcindezi, abadlali abangalihloniphi ijezi kanye nezikhulu ezisayinisa uvucu.

Ngiyakhumbula ngisayina kwiPirates, ngangithukile ngicabanga ngomlando weqembu. Lokho kwangigqugquzela ukuthi ngisebenze kanzima,” kubeka uMabizela.