Ukugqoza kwemiphumela sekumqhathe nolaka lwabalandeli umqeqeshi weWydad Casablanca uRulani Mokwena okulindelwe ukuthi aguqule izinto kuleliqembu.
IWydad ithelwe othulini ngo 1-0 ibhekene nezimbangi ezinkulu iRS Berkane ebingaphelele koweBotola Pro League ngoMgqibelo ebusuku.
IWydad ibikade ibuya endukwini ka 2-0 eyayithola idlala neCODS Meknes phakathi nesonto.
Lomphumela uqinise ingcindezi kuRulani njengoba iRed Castle yehlele endaweni yesikhombisa kwiligi, iBerkane yaqhwakela ngokunethezeka esicongweni.
Yize ezakhe sezibhaxabulwe emidlalweni emibili ilandelana, uRulani unethemba lokuthi abadlali bazogcina besibambile isitayela asifunayo.
“Kuyimpoqo ukunqoba uma upheka iqembu elikhulu. Isitayela engikholelwa kuso angisoze ngasishintsha, ngizoqhubeka ngizigxishe kubadlali.
“Kunomunye umuntu wase-Egypt owangitshela ukuthi kufanele ngiphakamise iCAF Champions League neWydad. Wangichazela ukuthi uPitso wabuya neChampions League kwi-Al Ahly kodwa wayehluleka kwiPremier League. Wayelokhu eshilo ukuthi yimina ozophakamisa iChampions League neWydad,” kusho uRulani ekhuluma nezintatheli.
Sekuphele umdlalo, uRulani uphume ngesamagundane evika izinto ebeziphoswa abalandeli ababedinwe begane unwabu.
URulani ucele ukuba babekezele abalandeli ngoba ubumba iqembu kabusha.
“Ngiyaqonda ukuthi abalandeli babheke okukhulu eqenjini kodwa lizohlangana iqembu. Kunezindawo okufanele sizilungise ukuze sizobuyela endaweni esifanele.
“Ngiyakholelwa kubadlali nasethimbeni engisebenza nalo. Ngifike eqenjini eliqede endaweni yesithupha ngesizini edlule. Ngifike nabadlali abasha, ibhodi lezikhulu elisha nethimba labaqeqeshi elisha. Angiyikholwa eyokuthi iqembu liyabhacaza uma ngibheka lezinguquko. Ngibona iWydad iyiqale kahle isizini. Sihlukaniswe yigebe lamaphuzu amathathu kuphela eqenjini eliqhwakele esicongweni,” kubeka uRulani.