UMengameli weSouth African Football Association (SAFA) uDanny Jordaan uthi kuyaphoqa ukuthi iligi yebhola yaseNingizimu Afrika iqale ukusebenzisa iVideo Assistant Referee (VAR) kusukela ngesizini ka-2022/23 kuya phambili.

UJordaan uthi useke wabamba umhlangano noSihlalo wePremier Soccer League u-Irvin Khoza bedingida udaba lokusetshenziswa kweVAR kwiDSTV Premiership nasemidlalweni yezinkomishi.

INingizimu Afrika isele ngemuva emazweni aseqalile ukusebenzisa ubuchwepheshe beVAR.

Onompempe bakuleli abajwayele ukubizelwa emidlalweni yeCAF neFIFA bakhala nobunzima ababhekana nabo uma sekufanele basebenzise iVAR ngoba abayijwayelele eMzansi.

UJordaan uthi kusekhona izingqinamba ezivimba ukuthi bafake iVAR kuleli.

“Kufanele iNingizimu Afrika iqale ukusebenzisa iVAR. Ziningi izingqinamba esibhekene nazo, eyokuqala ukumakethwa kwebhola laseNingizimu Afrika, eyesibili ukuthuthuka kwezobuchwepheshe nokufaka izinsiza zobuchwepheshe uma sekulungiselelwa amaqembu esizwe.

Yizona izinkinga engizikhulume no-Irvin Khoza ezinsukwini ezedlule, sizoqhubeka nengxoxo,” kubeka uJordaan.