ISwallows isaqhubeka nezinhlelo zokuqinisa isikwati sayo njengoba isizini ka-2022/23 isiqalile.
IziNyoni seziyela emaphethelweni ngokusayinisa uPromise Mkhuma (22) olizwa ngendaba ijezi eChloorkop.
Imenenja kaMkhuma I ama ngokusemandleni ukutholela lomdlali iqembu elisha. UMkhuma ungaphansi kwesitebele sePro Sport International. Lesitebele sizamile ukumkhulumela neCape Town City neSuperSport United kodwa kwagcine kungalunganga.
UMkhuma udlale kowodwa umdlalo ngesizini ephelile, nakhona kwiNedbank Cup.
UMkhuma wayelithola ijezi kusekhona uPitso Mosimane kodwa izinto ziqale ukubhimba sekushintshwa abaqeqeshi. UManqoba Mngqithi noRhulani Mokwena abamuzwa lomdlali one khono eliyisimanga.
Ngokombiko weSABC Sport, iSwallows neDowns sebevumelene ngomdlali, kodwa akucaci ukuthi uzobolekiswa noma uzodayiswa ngokuphelele.